Usola inyanga oxoshwe wumyeni emsola ngokuphinga

2017-04-03 14:08

Durban - Ukhala ezimathonsi owesifazane waseBhamshela oxoshwe ngumyeni emzini wabo ngemuva kokuthi inyanga imsole ngokuphinga nokukhuleliswa umngani womyeni.

UZanele Mahlaba, 36, usephenduke umabuya emendweni njengoba esebuyele kubo ngemuva kokuxoshwa ngumyeni wakhe emzini wabo eNewlands West, eThekwini.

Ufuna kugezeke igama lakhe njengoba ethi umyeni wadlala inyanga mbumbulu eyabaxabanisa.

“Umyeni wami ungixoshe emzini wethu nengane yentombazane inamasonto amathathu izelwe. Ingane yethu isineminyaka emibili manje kayimazi uyise.

"Akafuni nokuyibona ngoba ukholwa wukuthi umbathiswa ibhantshi. Angimazi noma udungwe yimithi yale nyanga yini. Inkinga akafuni ukuthi siyokwenza iDNA,” kusho uMahlaba.

Uthe okumphatha kabi ukuthi le ngane umyeni wakhe angayifuni ingane yabo yokuqala ephilayo.

OLUNYE UDABA:Ibulawe nezigebengu inyanga ebidume ngekhanda eMafakantini

“Ngaphuphunyelwa izisu kwaze kwaba kathathu emshadweni. Sishade ngo-2009 ngoMashi kodwa ngo-Okthoba ngathola ukuthi uthandana nosisi asebenza naye owayekhona ngisho emshadweni wethu.

Ngathola lokhu ngokupequlula ifoni yakhe ngoba ngimsola. Ngo-2011 ngathola ukuthi sebenengane ngemuva kokubona izithombe zengane ishuthe emotweni yomyeni wami," kusho yena.

Ethintwa abeSolezwe umyeni uRobert Mahlaba uthe izindaba zomuzi wakhe akathandi ukuzixoxa emaphepheni, unomndeni yena. Osolwa ngokukhulelisa uMahlaba, uMandla Dlamini uthe, uMahlaba wamtshela ngalezi zinsolo kodwa akazange azinake.

“Wangitshela sekunezinkinga phakathi kwami nomngani wami. Kungakuhle uma bengenza iDNA, ingane ngeyakhe. Le nyanga kumele iyekiswe ukusebenza ngoba umsebenzi uyayihlula, ihlakaze umuzi womngani wami,” kusho uDlamini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...