Usola imishanguzo umama obhekene nawokubulala amadodana akhe amabili

2017-02-07 08:30

Pretoria - Owesimame ongusomabhizinisi wasePitoli ubhekene namacala amabili okubulala amadodana akhe amabili ngo-Ephreli 2015, kubika iPretoria News.

Lo wesimame ongunkosikazi kadokotela usola imishanguzo ayeyidla ngokuthi iyona emsenze wenza lokhu.

URehithile Katlego Matjane, 34, uwaphikila amacala okubulala u-Alvaro, 2, kanye noKeyondre, 6, ngomhlaka 17 Ephreli, 2015.

Zombili lezi zingane zatholakala zinamanxeba okudutshulwa ekhanda.

Lo mama akazange aphike ukuthi wadubula izingane zakhe ezazihleli kunyanyavu lwemoto yakhe eyayipake endaweni eyisikhotha ngaseHammanskraal kodwa.

OLUNYE UDABA:Umama waseVryheid ubulale indodana ebigoloza ukuthenga ukudla

“Angisoze ngalimaza izintandokazi zezingane zami ngamabomu, ngisho sengifikelwa wumqondo wokuthatha impilo yami, wawungakaze ungifikele owokulimaza noma owokubulala izingane zami,”kusho yena esitatimendeni esifakwe enkantolo.

UMatjane, ungunkosikazi kaDkt Maxwell Matjane, uthe akhumbuli lutho ngokwenzeka ngaloluya suku.

Lo mama utshele inkantolo ukuthi usola imishanguzo ayithatha ezinsukwini ezimbili ezandulela usuku lwesigameko ukuthi iyona eyamenza waphithana ikhanda.

UReginah van Rooyen ohlala eduze nalapho kwabulawa khona lezi zingane utshele inkantolo ukuthi wamangala ebona owesimame ewindili lakhe.

“Ngathi ngimubuza ukuthi ufunani wamemeza wathi ufuna inhlamvu. Ngamtshela ngathi anginayo inhlamvu wase ecela ummese ethi ufuna ukuzibulala. Angikwazanga ukumnika ummese kodwa wathi uzozibulalela kuthela wayeka u-N1 ogudla ngasemzini wami.

UVan Rooyen uthe lo wesimame ubephuma igwebu ngomlomo.

Ngesikhathi ezama ukushayela amaphoyisa, lowesimame wabaleka wagibela ubonda oluphumela ku-N1.

“Ngamdonsa ngamehlisa ngazama ukumncenga ukuthi ehlise umoya kwaze kwafika amaphoyisa.

Ngathi ngimbuza ukuthi kwenzenjani wangitshela ukuthi uqeda kudubula izingane zakhe kodwa manje usephelelwe yizinhlamvu zokuzidubula yena.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...