Usizi umama ethula ubufakazi kwelesoka 'elabulala' indodana yakhe

2017-05-10 16:02

Pretoria – Usizi owesimame efakaza ecaleni lesoka elisolwa ngokubulala indodana yakhe ayithola inemivimbo futhi ilimele kabi ekhanda.

Amazwi okugcina ashiwo wumfana oneminyaka emithathu ubudala, “ mama.”

Lokhu kuvezwe wumama wayo le ngane ngesikhathi efakaza ecaleni lesoka lakhe elibhekene necala lokushaya libulale indodana yakhe.

Lo mama, osebenza njengonogada esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, u-Elizabeth Phahle, ubekhala mi izinyembezi ekhuluma ngesigameko esabulala indodana yakhe uTebetso.

Ngesikhathi exilongwa esibhedlela, lo mfana watholakala enemivimbo futhi elimele kabi engqondweni.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ugibele phezu kwemoto ebamba isoka linentombi

Lo mama utshele iNkantolo eNkulu yaseGauteng ukuthi washiya indodana yakhe nesoka lakhe uWilliam Tjiane, ngomhlaka-3 ku-Agasti, 2010, ngesikhathi eyokwenza inhlolokhono yomsebenzi.

Uthi ngesikhathi ehamba indodana yakhe yayiphilile futhi ingenalutho. Isoka kwakumele lihambise ingane enkulisa ekuseni.

Uthi wathuka kabi ebuya ethola ingane inqunu phezu kombhede.

“Ngathi ngizama ukumvusa wayehluleka nokukhuluma, into ayisho kuphela wathi, 'mama'. Lokhu kwangidida kakhulu ngoba ngesikhathi ngihamba yayingenalutho ingane, ngaxoxa nayo ngaze ngayipha nemali ukuze athenge oncamnce enkulisa,” kusho lo mama.

Uthi isoka lamshayela ucingo lathi ingane inenkinga.

Ngesikhathi efika wathola umsolwa kanye nomngani wakhe behleli phandle emzini abebehlala kuwo eMamelodi East.

Thola udaba oluphelele kuPretoria News.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...