Usizi umama eshayisa ngemoto ingane yakhe ngephutha, yashona

2017-03-22 16:02

Bloemfontein – Kushone umfana oneminyaka emithathu ubudala waseFree State kulandela ukuthi umama wakhe emshayise ngemoto ngephutha ngoMsombuluko.

UMfundisi Marietjie Ras waseFull Gospel Church, eKoppies, utshele iNetwerk24 ukuthi uBernadette Small ushayise u-AJ egcekeni lakwakhe epulazini eliseRooipoort.

USmall ubengabonanga ukuthi ulimaze ingane yakhe njengoba ebuyele ekhaya ngoba sekukhona omshayela ucingo emazisa.

Ubaba ka-AJ, uPieter, uzamile ukusindisa le ngane kepha kwazinhlanga zimuka nomoya.

Ibe isiphuthunyiswa esibhedlela esiseKroonstad, lapho okufike kwaqinisekiswa khona ukuthi ishonile.

OLUNYE UDABA: Usizi ubaba eshayisa ingane yakhe ngemoto ngephutha, yashona

URas uchaze u-AJ njengengane ebinempilo, kanti kuthiwa yehlelwa yilo mshophi nje ibidlala nezinkukhu egcekeni.

Umama wale ngane ubhale ekhasini lakhe likaFacebook wathi: “AJ, umama uyaxolisa kakhulu ngokwenzekile, ngiyathembisa angizange ngikubone. Akudingi ukuthi ungixolele.”

Lo mama wengeze ngokuthi uzokwamukela noma yisiphi isijeziso azosithola ngalesi sigameko.

"Ngiyakukhumbula kakhulu, ngikuthanda ngenhliziyo yami yonke.”

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Loraine Early usiqinisekisile lesi sigameko wathi kunophenyo oluqhubekayo.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...