Usizi ubaba eshayisa ingane yakhe ngemoto ngephutha, yashona

2017-03-17 18:02

Cape Town – Ingane yentombazane enezinyanga ezingu-11 ubudala yaseDelft, ngaphandle kwaseKapa, ishonile ngemuva kokuthi ubaba wayo eyishayise ngemoto ngephutha.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu kuCondor Street, eThe Hague, eDelft, ekhaya lale ngane, kusho umbiko weNetwerk24.

Kukholakala ukuthi le ngane iphume endlini abebephakathi benganakile ngesikhathi izwa imoto kababa wayo iduma emnyango.

Ubaba wale ngane, obefika ekhaya ephuma emsebenzini, akazange ayibone le ngane egcekeni.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale ingane yakhe ngephutha

Akucaci ukuthi le ngane igcine ingene kanjani ngaphansi kwemoto ngesikhathi ubaba engena ngemoto egcekeni.

Le ngane ishonele khona endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel André Traut usiqinisekisile lesi sigameko.

“Siphenya icala lokubulala ngokungenhloso.”

Bekungakaboshwa muntu okwamanje, esho.

- Beeld

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...