Usindile umfana okhafulwe isitimela ebesihamba iminyango ingavaliwe

2016-05-11 18:31

Shongweni -  Umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala usinde ngokulambisa ephephuka esitimeleni sihamba ngesivinini esikhulu, kubika iNewswatch.

Ngokusho kwabosizo oluphuthumayo, lo mfana ubemi ngasemnyango wesitimela kanti umnyango ucushwe ngamabomu ukuthi ungavaleki.

Kuthiwa kube nomoya omkhulu ngesikhathi isitimela seqeda kudlula umhube, waphephuka kanjalo umfana washaya ngekhanda ebhulohweni.

OLUNYE UDABA:Kulimale abantu ababili abawe isitimela sihamba

Usindile lo mfana yize enamanxeba amabi kakhulu ekhanda. Okhulumela iNetcare 911 uChris Botha uthi lomfana utholwe ngemuva kwamahora ambala kule ndawo alimalele kuyo etholwa abantu abebezihambela ngezithuthuthu.

"Siphuthume kule ndawo kanti ngenhlanhla sikwazile ukuhlenga impilo yakhe. Uphuthunyiswe esibhedlela iKing Edward ngendizamshini lapho azolashelwa khona,”kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...