Usindile okhulelwe olimale engozini yesitimela eKroonstad

2018-01-05 14:13

Johannesburg – Owesimame okhulelwe uphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlani kusukela endaweni yesigameko lapho kushayisana khona isitimela neloli eKroonstad.

UMnyango wezeMpilo eFree State ukhiphe isitatimende ngolwesihlani sokuthi lo wesimame kanye nezingane ezintathu ezilimale kule ngozi, bayalulama esibhedlela.

"Abe-EMS baphuthumise lo wesimame esibhedlela iBoitumelo ngoLwesine.. ingane yakhe isesimweni esikahle kodwa lowesimame ulimale kabi eqakaleni,"kusho uMondli Mvambi okhulumela lo mnyango.

Kuthi walo wesimame usekhishiwe esibhedlela.

Kukhona ingane yentombazane, 11 kanye nomfana, 5 abasagcinwe esibhedlela njengoba abezimo eziphuthumayo nabezempilo besazama ukuxhumana nabazali babo.

OLUNYE UDABA:Kuzokwenziwa ulibofizo ukuhlonza izisulu zengozi yesitimela

Ngale kwalokho kukhona nengane, 14 elimele kabi futhi edinga ukuhlinzwa, yona ikwazile ukuxhunyaniswa nabazali bayo.

NgoLwesihlanu ekuseni, bese bengu-125 abantu abaphuthunyiswe ezibhedlela belimele, kanti abanye babo bakhishiwe ngemuva kokulashelwa ukulimala kancane.

UMvambi uveze nokuthi imoto encane okukholakala ukuthi nayo ibibandakanyeka kule ngozi, ibithuthwa yilesi sitimela futhi ibingashayelwa muntu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...