Usinde kukubi umshayeli wetekisi ehlaselwa eMgungundlovu

2018-01-12 14:02

eThekwini - Usinde ngokulambisa umshayeli wetekisi ehambela eSigodini ngesikhathi edutshulwa nomsizi wakhe ngoLwesithathu emini.

Kuthiwa uSiyabonga Molefe nomsizi wakhe uSamkelo Gugushe,17, basesimweni esingagculisi esibhedlela emuva kwalesigameko.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asePlessislaer uKaputeni Musa Ntombela usiqinisekisile lesigameko wathi uSiyabonga udutshulwe entanyeni, umsizi wakhe yena wadutshulwa ezinqeni.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa owesilisa erenkeni yamatekisi

“Abasolwa bahlasele lo mshayeli kanye nomsizi wakhe ngaphambi kokubagebenga omakhalekhukhwini kanye nemali elinganiselwa ku-R900.

Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala kanti akekho obesaboshiwe okwamanje,” kusho uKaputeni Ntombela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...