Usihlalo uyangabaza ukumqasha ngokugcwele obambe njengomqeqeshi

2016-12-20 13:31

Johannesburg - USihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia usezwakalise ukuthi uyamethemba uFadlu Davids kodwa umanqika ukumqasha ngokugcwele kulo msebenzi.

Selokhu kwesule u-Ernst Middendorp, uDavids uyena oqeqesha i-United.

UDavis sekukabili ebamba izintambo njengoba ngonyaka odlule wasibamba kabili ngesikhathi kuhamba uMandla Ncikazi nangesikhathi kuhamba uClive Barker.  

Nakuba esenamava, futhi esize leli qembu lawina okokuqala kule sizini, uKadodia uyangabaza ukumqasha ngokugcwele ngoba unokwesabela ukuthi angase ehluleke.

OLUNYE UDABA: UDolly akazimisele ngokujoyina ama-Red Devils

"Ngicabanga ukuthi wenza umsebenzi oncomekayo, angikungabazi lokho. Ngihlala ngisho ukuthi uFadlu ungumqeqeshi osezingeni, useke wasebenza kwiMaritzburg United, Chippa United, Bloemfontein Celtic wabe esebuyela kwiMaritzburg," kusho uKadodia kwiKickOff.com.

"Uqeqesheke kahle ngaphansi kukaMiddendorp. Unekusasa eliqhakazile, alikho nephutha engike ngalibona kuyana kulemidlalo edlule.”

"Angifuni ehluleke ngokushesha, ngakho angifuni ukuphawula ngokuthi ngizomthatha nini uFadlu [ngokugcwele], kodwa ngijabulile ngendlela enza ngayo uFadlu.”

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...