Ushonile umuntu odubuleke kwesokudubulana kwamaphoyisa nezigebengu

2017-08-29 12:32

Durban - Useshonile umuntu osebenza emafemini aseParlock enyakatho yedolobha iTheku ngemuva kokudubuleka esigamekweni sokudubulana kwamaphoyisa nabasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali.

Amaphoyisa ophiko loKlebe KwaZulu-Natal aqinisekise ukushona kwalesi sebenzi nokulimala kwabantu abathathu abebesemgwaqeni ngesikhathi kwenzeka isigameko.

USimphiwe Mhlongo, okhulumela lolu phiko, naye uqinisekise ukushona komsolwa wesithupha esibhedlela ebusuku.

OLUNYE UDABA:Basale enkundleni abasolwa abahlanu eThekwini

Abasolwa bazame ukubamba inkunzi imoto yemali eSpringfielf eThekwini. Umsolwa oyedwa ushonele eduzane nenxanxathela yezitolo kuMngeni Road, abanye abasolwa abane bashone ngemuva kokudutshulwa bebaleka eParlock.

"Singakuqinisekisa ukushona komsolwa wesithathu obeqashwe ngamaphoyisa esibhedlela. Abanye abasolwa ababili balindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kusasa (ngoLwesithathu)," usho njalo.

Amaphoyisa asathungatha umsolwa wesishiyagalolunye.


 - Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...