Ushonile umsizi wasetekisini ohudulwe yiloli lase liyamgxoba

2017-12-18 08:06

Kimberley - Owesilisa oneminyaka engu-22 ubudala osebenza njengomsizi wasetekisini ushonile ngemuva kokuhudulwa yiloli, kubika iDiamond Fields Advertiser.

Umndeni walo mfana unemibuzo eminingi mayelana nalesi sigameko esithathe umphefumulo wendodana yabo.

Isidumbu sika-Alouine de Sanderez besivalwe ngengubo ngendlela ebesilimele ngayo njengoba sigxotshwe amasondo amane eloli elikhulu.

Lokhu kwenzeke emgwaqeni u-Allan edolobheni lase-Kimberley kanti kudingeke ukuba lo mgwaqo uvalwe ngoLwesine ebusuku ngemuva kwale ngozi.

OLUNYE UDABA:Kushone abantu kugingqika itekisi eGoli

Abantu bebebukele ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bezama ukukhipha umzimba walo mfana obuvaleleke phakathi kwamasondo eloli.

"Iloli beselihamba ngesikhathi simemeza umshayeli walo sizama ukumtshela ukuthi akame ngoba kukhona umuntu ocindezelwe amasondo. Ekuqaleni akazange asizwe simemeza kwaze kwaba wukuthi abantu bayagijima baya kuye bamvimba.

"Umile yize ebedidekile ngokuthi kwenzenjani, kwaze kwaba wukuthi uyabikelwe esedilikile elolini ukuthi kwenzakaleni,"kusho ozibonele ngawakhe.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Dimakatso Mooi, uthi baphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...