Ushonile umshayeli wetekisi odutshuliwe eCenturion

2017-07-06 16:00

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi esigamekweni okusolakala ukuthi bekungesokudubulala ngoLwesithathu ntambama eCenturion.

Okhulumela i-ER24 uRussell Meiring uthe lokhu kwenzeke ekhoneni likaHendrik Verwoerd Drive no-Old Johannesburg.

“Abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bathola owesilisa edindilizile otshanini buqamama netekisi lakhe. Ngesikhathi exilongwa kutholakale ukuthi udutshulwe esifubeni nasekhanda,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Uthweswe icala umshayeli wetekisi elilimaze izingane zesikole

UMeiring uthi bekungekho okungenziwa ukuhlenga impilo yalo mshayeli ngoba ubeseshonile.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iRekord Centurion lithi amaphoyisa abekhona kule ndawo ezophenya ngokwenzekile.

Okhulumela inhlangano emele izakhamuzi zakule ndawo uHannes Du Buisson uthe isigameko sokudubula siqale ntambama ngaphambi kwehora lesihlanu.

“Ngokusho kwamalungu omphakathi azibonele ngawabo, lo mshayeli uhlaselwe amadoda amabili naye wazama ukuziphindiselela nokuyilapho edutshulwe khona kabili ngaphambi kokuba abaleke,” kusho yena

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...