Ushonile umshayeli wetekisi edutshulwa ekhanda

2017-05-19 16:02

Durban - Amaphoyisa aseMariannhill aphenya icala lokubulawa komshayeli wamatekisi oneminyaka engu-23 ubudala.

Lo mshayeli udutshulwe ngoLwesinye ebusuku ngabo-7 ebusuku emgwaqeni uMilky Way.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iHighway Mail lo mshayeli ubenamadoda amabili etekisini ngaphambi kokudutshulwa kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala uthe kukholakala ukuthi lo mshayeli ubenamadoda amabili etekisini belibangise eDassenhoek.

OLUNYE UDABA:Uzumeke walala umshayeli wetekisi ethole ingozi - Umbiko

“Lo mshayeli udutshulwe ekhanda washonela khona lapho. Okwamanje akukacaci ukuthi yimi imbangela yokuhlaselwa kwakhe futhi amaphoyisa asathungatha abasolwa,” kusho uGwala.

UGarrith Jamieson we-Rescue Care uthe abasizo lokuqala bafike kule ndawo ngoLwesine ebusuku bathola umshayeli eshonile emotweni.

Bebengekho abanye abagibeli ngesikhathi kufika abosizo lokuqala.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...