Ushonile umfundi ogwazwe ngomunye eMpumalanga

2018-01-25 11:00

Johannesburg - Kugwazwe umfundi oneminyaka engu-16 ubudala endaweni yaKwaMhlanga egwazwa ngomunye, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Isigameko senzeke ngoLwesibili ngezithuba zabo-15:00 ntambama.

"Lesi sigameko sokugwazana siza ngemuva kombiko wokulwa kwabafundi ababili," kusho uColonel Mtsholi Bhembe esitatimendeni.

"Ngokusho kwemininingwane, isisulu sathola inqwaba yamanxeba okugwazwa ngesikhathi kuliwa kwadingeka ukuba siphuthunyiswe esibhedlela lapho okwasenela khona. Umsolwa wabaleka endaweni yesigameko, amaphoyisa aseqalile ukumfuna."

OLUNYE UDABA:Umfundi 'ugwaze' indoda ephuma ukuyobhala esikoleni

ULieutenant Colonel Mondli Zuma ongukhomishana wamaphoyisa esifundazwe, uthi ukhathazekile ngendlela abafundi abaphatha izikhali eziyingozi esikoleni, okuphetha ngokuphuma kwezidumbu.

Onolwazi ngesigameko uyacelwa ukuba axhumane noColonel Nompumelelo Manzini ku-082 318 9651 noma ashayele esiteshini samaphoyisa aKwaMhlanga ku-013 947 4045/46 noma uCrime Stop ku-08600 10111.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...