Ushonile umfana olunywe ingwenya edoba

2016-11-12 09:00

Harare - Umfana obeokaphila ngokuduba ukuze ahlanganise imali yokukhokha esikoleni ushonile ngemuva kokulunywa ingwenya.

U-Owena Chianga, 13, kanye nomngani wakhe bahlaselwe izingwenya ezimbili emfuleni i-Save River ngaseBirchenough Bridge.

Ubaba womngani ukwazile ukulwa nengwenya ukuze asindise indodana yakhe, kodwa usindwe izinyawo ekusindiseni u-Owena ngoba ingwenya imhudulele emanzini.

OLUNYE UDABA:Ingwenya igxavune ingane ezandleni zikamama wayo

Iphephandaba i-Manica Post ithe lomfana ubezama ukulekelela ubabakhe okhubazekile ngokudayisa azokwazi ukukhokhela imfundo yakhe.

Laba bafana bese behambe ibanga elide kunokujwayelekile ngoba bethi babone inhlanzi efile intanta emanzini.

Ubaba womfana osindile uthe abanye abantu banokufaka amakhemikhali kulo mfula ukuze babulale izinhlanzi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...