Ushonile owesilisa ozame ukuzibulala ngemuva kokuphonsa phansi ingane

2018-04-20 14:05

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala ophonse phansi indodakazi yakhe ephezu kwesakhiwo eBloemfontein‚ wabe esezama ukuzibulala, useshonile.

Owesilisa ulimale kabi ngoLwesine kulesi sigameko, esenzeke kunengxabano embi nentombi yakhe ngoLwesithathu ebusuku.

Owesilisa ubegadwe ngamaphoyisa ngemuva kokuzama ukuzibulala.

Indodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala isagcinwe esibhedlela namanje.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ojele ngokweqa kweziboshwa eGoli

Le ntombazanyana isindiswe ukunqakwa ngumuntu obesendaweni yesigameko.

“Kuthiwa uthathe indodakazi yakhe eneminyaka eyisikhombisa wagibela nayo phezu kwesakhiwo saseShoprite, eBloem Plaza.

“Ube eseyiphonsa phansi, ngemuva kwalokho waziphonsa naye. Ingane ngenhlanhla inqwakwe ngumuntu obelapho ebukela,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Chaka Marope.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...