Ushonile oshiswe umlilo ethosa amaqanda ngezintathakusa

2016-05-30 10:01

Cape Town – Umndeni womlisa waseGugulethu usemakhandleni ngemuva kokuba lo mlisa eshone kulandela ukuvaleleka emjondolo obusha ngeSonto ekuseni.

UMawethu Pani, 32, ubethosa amaqanda ngesitofu esincane esinamaziko amabili ngesikhathi amafutha echitheka eziko kwaqubuka umlilo ngezithuba zabo-2.50 ekuseni, kusho umndeni.

Udadewabo kamufi, uNomabhelu Pani, 37, uthi yena nonina, abahlala endlini eseceleni, bamziwle umufi ememeza kodwa bazitshela ukuthi ubanjwa inkunzi.

Funda nalolu daba: Olahlwe umakhwapheni ubhalele umkakhe incwadi

Uthi kuthe ngesikhathi sebebona umlilo, bekungekho okutheni abebesangakwenza, ngisho nalabo abazamile ukusiza bathole ukusha.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel André Traut ukuqinisekisile ukuthi bavule icala kanti bayaphenya, kubika iCape Argus.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...