Ushonile oshayiswe yimoto exwayisa abashayeli ukuba behlise isivinini

2017-07-10 13:59

Johannesburg - Ushonile owesilisa osemusha oshayiswe yimoto ngesikhathi ezama ukuxwayisa abashayeli bezimoto ngengozi esanda kwenzeka.

Lokhu kwenzeke endaweni yaseSandton ngeSonto ngezithuba zika-18:00 ebusuku.

Okhulumela abeNetcare 911 uNick Dollman uthe omunye wabosizo lokuqala obengekho emsebenzini uzithele phezu kwale ngozi ngesikhathi ehamba ku-N3 ebheke ekhoneni likaMalboro.

"Ngesikhathi ebona kuphithizela kulo mgwaqo, lo mlisa wabosizo lokuqala umise imoto eceleni komgwaqo eyohlola isimo," kusho uDollman.

OLUNYE UDABA:Ushayiswe yimoto washona umfundi eSiphingo

Uthe ubone owesilisa ekhala. Esechaza lo wesilisa, uthe ube nenkinga yemoto ehamba nendodana yakhe baphoqeleka ukuba bame eceleni komgwaqo.

"Indodana yakhe iphume nethoshi emotweni izama ukuxwayisa ezinye izimoto ukuba zehlise isivinini ngoba banenkinga," kuqhubeka uDollman.

Bazamile ukuxilonga lo mfana obelele edindilizile eceleni komgwaqo kodwa kwabonakala ukuthi umphefumulo usuhlukene nenyama.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...