Ushonile osebenza ngezitimela ngemuva kwengozi eyenzeke emsebenzini

2018-02-07 19:27

eGoli - Kushone owesilisa, 59, osebenza ngezitimela edepho yezitimela zeGautrain phakathi kwamabili, kusho abezimo eziphuthumayo kulandela isigameko.

Lokhu kwenzeke ngesikhahi lo mlisa edonsa isitimela esinamakoshi amane esilale buqamama nesiteshi ekubuyeni kwaso eHatfield, ekupheleni kosuku.

Lo mlisa ubesebenzisa imoto ehamba kujantshi edonsa lesi sitimela ngesikhathi kudaleka ingozi eshayisana nedepho kanye namanye amathuluzi okusebenza.

Okhulumela abeGautrain, uKesagee Nayager, uthe kusetshenziswe imoto ehamba kujantshi ukudonsa lo mshini ngesikhathi ishayisa.

OLUNYE UDABA:Usindile umfana okhafulwe isitimela ebesihamba iminyango ingavaliwe

"Isitimela besingasebenzi ngaleso sikhathi yingakho bebengekho abagibeli phakathi, kusho okhulumela abeNetcare911 uNick Dollman esitatimendeni.

Uthe kulimale amanye amadoda amabili kulesi sehlakalo.

UNayeger uthe kuzokwenziwa uphenyo ngalesi sigameko futhi bazosebenza ngokubambisana nabeRailway Safety Regulator.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...