Ushonile ophuze ubhiya onoshevu eThekwini

2017-03-07 07:12

Durban - Owesilisa ushonele emzini oseDawncrest eVerulam kulandela ukugula ngemuva kokuphuza ubhiya okusolakala ukuthi ubufakwe ushevu.

Abenkampani yonogada iReaction Unit South Africa babikelwe ngowesilisa oshonele emzini wakhe.

Lo muntu oshayele onogada ucingo akafunanga ukudalula igama lakhe kodwa uthe kukhona okushaya amanzi kulo mndeni ngoba ubuwenza izinto ezingajwayelekile.

OLUNYE UDABA: Ushonile obezama ukubamba inkunzi kulayini wokukhipha imali

Ngesikhathi onogada kanye nabosizo lokuqala befika bathole owesimame, 59, emi ngale kothango.

Lona wesifazane uqale watshela onogada ukuthi uhleli yedwa ekhaya, ngemuva kwesikhathi ubatshele ukuthi umfowabo waqala ukugula kade ephuza utshwala nabangani.

Iphephandaba lomphakathi i-Phoenix Sun libika ukuthi ngesikhathi abosizo lokuqala bengena kulo muzi, bathole lo wesilisa, 51 eseshonile futhi kubonakala ukuthi sekunamahora ambalwa eshonile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...