Ushonile ohlaselwe wumphakathi esolwa ngokuzama ukugqekeza

2017-03-03 11:02

Edendale  - Umphakathi ushaye wabulala owesilisa wakwaMpumuza obesolwa ngokuzama ukugqekeza kweminye yemizi eqashisayo e-Edendale.

Lo mlisa oneminyaka engu-20 ubudala kuthiwa uqhamuke ngasesibhedlela i-Edendale eshesha, elandelwa abantu abebememeza bethi akame kepha ebashaya indiva.

Kuthiwa kube sekuphuma iqulu lamalunga omphakathi kwelinye lamajoyinti kule ndawo nokuthiwa livele lambamba lavulela ngesibhaxu limshaya ngamabhodlela nangamafosholo.

Ngokusho komthombo wephephandaba i-Edendale Eyethu ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe, uthe into ayibonile ngeke aphinde ayikhohlwe.

“Lo mfana ubehamba eshesha  elandelwa ngabantu bethi akame ngoba kade ezama ukugqekeza. Kusenjalo kuphume inqwaba yabantu ejoyintini nokuyilapho kusuke khona uthuthuva,” kusho umthombo waleli phepha.

OLUNYE UDABA:Bakhala ngezigilamkhuba ezilutha umphakathi eMpophomeni

Ngokusho kwalo mthombo  ayikho into ekade bengamshayi ngayo lo mfana. “Into engiyibone lapha iyesabisa ubeselimele yonke indawo ngisho ikhanda lakhe beselidephukile,” kuqhubeka lo mthombo.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini iPlessislaer uCaptain Musa Ntombela usiqinisekisile isigameko kodwa wathi akukakaboshwa muntu.

“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala ngemuva kokuba owesilisa eshaywe wumphakathi ngasesibhedlela i-Edendale. Umlisa oshayiwe  ungumuntu ongaziwa kodwa amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...