Ushonele esibhedlela owesifazane owokhelwe ngomlilo

2017-08-28 14:00

Pretoria – Kushone owesifazane ngemuva kokubhunyelwa ngophethiloli wokhelwa ngomlilo e-Atteridgeville, ePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoMsombuluko.

Lo wesifazane ushonele esibhedlela ngaphambi kokuba amaphoyisa ekwazile ukukhuluma naye athole ukuthi kwenzekeni kuye, kusho uCaptain Kay Makhubela.

OLUNYE UDABA:Wokhelwe ngomlilo washona osolwa ngokweba imoto

UNick Dollman weNetcare911 uthe abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko ngeSonto ekuseni, bafica lo wesifazane oneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala ebhunyelwe ngophethiloli, wokhelwa ngomlilo. Ubenamanxeba okusha.

Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo, kusho uMakhubela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-34°C High level clouds. Extremely hot.
Jhb: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C High level clouds. Warm. PE: 18-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...