UShivambu uzoqondiswa izigwegwe ngokuthi ‘uZuma uzonibulala’

2017-04-20 14:02

Cape Town – USotshwebhu we-EFF, uFloyd Shivambu, usedluliselwe ngokusemthethweni ekomitini lezokuqondiswa kwezigwegwe ePhalamende ngokunqaba kwakhe ukuhoxisa ukuphawula akwenza nokwathathwa njengokungafanelekile ukuthi kukhulunywe ePhalamende ngonyaka ka-2016.

“Kulandela ukumenyezelwa kobulungu bekomiti eliqondisa izigwegwe ngomhlaka-22 kuMashi 2017, ukuziphatha kukaMnumzane N F Shivambu iLungu lePhalamende esiShayamthetho sikazwelonke ngoLwesine, mhlaka-10 Novemba 2016, kulandela ukuhluleka kwakhe ukuhoxisa ukuphawula kwakhe okungahambisani nePhalamende, kudluliselwe kwikomiti eliqondisa izigwegwe,” kusho iPhalamende.

OLUNYE UDABA: Uhoxisa inhlamba yakhe uShivambu

Ngesikhathi kuqhubeka inkulumompikiswano ngesiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma ePhalamende ngoNovemba wangonyaka odlule, uShivambu watshela amalungu ePhalamende e-ANC ukuthi uMengameli Zuma uzowabulala uma eke aphikisana naye ngokwezepolitiki.

“Ngaphambi kokuthi nazi, uzobe eselawula yonke into. Uma eseqedile ngawo wonke umuntu, uzonibopha,” uShivambu etshela amaLungu e-ANC ePhalamende.

“Uzonibopha nonke, uzonivalela, uzonibulala. Akanalutho olungamlahlekela manje.”

Ngaleso sikhathi uShivambu wathi “ngeke aze awahoxise amazwi akhe”.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...