Ushe wangqongqa owesifazane nengane, 4, kushayisana izimoto

2017-03-19 16:00

Polokwane - Ishe yangqongqa ingane yentombazane eneminyaka emine ubudala nowesifazane oneminyaka engu-25 ubnudala kulandela ingozi enyantisa igazi eyenzeke ku-N1 ngaphamnde kwaseMakhado, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

"Kusolwa ukuthi kushayisane izimoto ezimbili," klusho uLt. Col. Moatshe Ngoepe esitatimendeni sengozi eyenzeke ngoMgqibelo ebusuku.

Le ngane nalo wesifazane bebehamba ngeveni lohlobo lwakwaCorsa.

OLUNYE UDABA:Ingozi yebhasi enyantisa igazi emgwaqeni omkhulu

Kule ngozi zisho zombili izimoto.

Umshayeli wale enye imoto ongowesilisa oneminyaka engu-34 ubudala usindile yize ethole amanxeba amabi okusha.

Lo mshayeli ululamela esibhedlela.

Amaphoyisa avule icala lokubulala ngokungenhloso.

Imbangela yengozi ayikaziwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...