Ushe wangqongqa owesifazane engozini yemoto

2017-03-22 16:02

Johannesburg - Kuqhubeka uphenyo ngesigameko sokushona komuntu nokulimala kanzima komunye emlilweni eduzane nasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.

Umshayeli wemoto yohlobo lwe-Mercedes Benz kuzwakale ukuthi uhlulekile ukulawula imoto emgwaqeni ophakathi kukaWatson Highway nesikhumulo sezindiza, kubika iNorthglen News.

OLUNYE UDABA: Kudaleke ingozi owesilisa ebamba umshayeli wetekisi ngobhongwane

"Abosizo lokuqala, abakwaRescue Care, babikelwe ngesigameko ngezithuba zabo-00:45 ekuseni. Ngesikhathi befika bathole ukuthi ushe ngemuva kokushayisa isigubhu sikagesi," kusho okhulumela iRescue Care, u-Ismail Mitha.

Uqhube ngokuthi owesifazane obesemotweni uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko nokuthi owesilisa obehamba nalo wesifazane ubesesimweni esibucayi, yena uphuthunyiswe esibhedlela eyolashwa.

Ngokusho kwamaphoyisa esiteshi saseKing Shaka Airport, uColonel Musa Myende, uthe kuvulwe idokodo lokubulala ngokungenhloso.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Strong thunderstorms. High level clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Light rain late. High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...