Ushe wangqongqa nomuzi wakubo umfana, 3

2017-07-10 13:59

Johannesburg - Amaphoyisa asePort Elizabeth, e-Eastern Cape, asevule idokodo ngemuva kokuba umfana, 3, eshe wangqongqa kusha umuzi.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe u-Elwyn Melville, 3, umama wakhe, nomunye wesilisa bebelele emzini oseKorsten ngesikhathi kuqubuka ilangabi ngoLwesihlanu ebusuku.

OLUNYE UDABA: Kushone ingane, 3, kusha umjondolo wakubo eVerulam

UNaidu uthe umama wengane uvuke ngemuva kokuhogela intuthu wabe esebikela lo wesilisa ngokuthi umuzi uyasha.

"Ngesikhathi bephuma begijima, babe sebebona ukuthi ingane isengaphakathi. Ngaleso sikhathi, umlilo ubususha kakhulu, ingane yasha nomuzi," kusho uNaidu.

Imbangela yomlilo ayaziwa kanti amaphoyisa asevule idokodo, uphenyo luyaqhubeka.

 - ANA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...