Ushaywe washona obesolwa ngokweba amabhodwe kwaDambuza

2017-01-25 19:31

Pietermaritzburg - Owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala wasendaweni yakwaDambuza ePietermaritzburg ubulewe ngamalungu omphakathi emsola ngokweba.

UNkosikhona Magwaza ushonele endaweni yesigameko ngemuva kokuhlaselwa amalungu omphakathi abedinwe egane unwabo.

Lo mphakathi wakwaDambuza wahlasela lo mlisa ngezinduku kukhona abanye abebeqopha sonke lesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Ushonile owesilisa eMlazi odutshulwe amanxeba ayisithupha

Umndeni wakwaMagwaza awufunanga ukuphawula ngesikhathi uhanjelwe izintatheli ze-GroundUp.

Yize ekhona amalungu mphathaki akugxekile ukuhlaselwa kwabantu ngalesi sihluku, abanye bathi sekuyisikhathi sokuthi umphakathi uthumele umlayezo oshisayo kwizigelamkhuba ezigebenga abantu, zigqekeza nemizi yabantu.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...