Ushaywe kabi owesimame otholakale enqunu egcekeni lakamakhelwane

2017-02-11 10:00

Nelspruit –Sekuvele ividiyo kanye nezithombe ezinkundleni zokuxhumana lapho kubonakala khona owesimame eshaywa ehamba nqunu.

Umphakathi uhlasele lo wesimame futhi washisa nomuzi wakhe okwaMaqhekeza endaweni yaseNkomazi.

OLUNYE UDABA:Owesifazane uthumelela indoda izithombe zakhe enqunu

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Mzwandile Nyambi uthe lokhu kwenzeke ngoMsombuluko ezintatha ngemuva kokuthi lo wesimame atholakale enqunu egcekeni likamakhelwane.

“Lo wesifazane ushaywe kangangokuba ungeniswe esibheldla iMediclinic. Imibiko esiyitholile wukuthi lo mame utholakale enqunu kwamakhelwane. Umphakathi umshayele khona lapho kwaze kwashishwa nomuzi wakhe,”kusho uNyambi.

Leli phoyisa lithe kuvulwe icala lokulinyazwa kwempahla kodwa kalizange livulwe elokushaya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...