Ushayise amaphoyisa kwizivimbangwaqo obedakiwe eThekwini

2017-11-04 14:56

Durban – Owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala, "obephuze utshwala ngokweqile” uboshiwe ngemuva kokushayisa lapho bekuvimbe khona amaphoyisa eThekwini, kusho amaphoyisa kamasipala ngoMgqibelo.

USenior Superintendent Parboo Sewpersad utshele iNews24 ukuthi umshayeli obedakiwe wehlulekile ukumisa imoto yakhe kwisivimbamgwaqo, washayisa imoto yamaphoyisa kaMasipala weTheku ebimile ngabo-22:15 ngoLwesihlanu.

Izivimbamgwaqo bezikuMgeni Road ngaseConnaught Bridge.

"Imoto yamaphoyisa ishayiseke yasuka lapho ebimi khona, yayoma eceleni komgwaqo. Kulimale iphoyisa ebelisemuva kwemoto.

OLUNYE UDABA: Owesifazane uthinte uthayela wendlu, washokheka washona

“Kuphinde kwalimala nomunye umshayeli kulesi sigameko. Umshayeli olimele kanye nephoyisa baphuthunyiswe eSt Aidan's Hospital," kusho uSewpersad.

Uthe iphoyisa lilimale emlenzeni nasengalweni.

Iphoyisa lidedeliwe esibhedlela ekuseni ngoMgqibelo kanti kukholakala ukuthi omunye umshayeli usagcinwe esibhedlela ngenxa yokuthi ubelimele ekhanda.

USewpersad uthe umshayeli wemoto obedakiwe uboshiwe ngemuva kokuba kutholakale ukuthi ubeshayela ephuzile.

"Uthweswe icala lokushayela budedengu nelokushayela ephuzile.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...