Ushayeke phansi washona umshayeli wesitimela eGoli

2018-01-13 11:01

eThekwini -  Owesilisa okukholakala ukuthi useminyakeni yo-50 ubudala ushayeke phansi washona.

Kuthiwa lokhu kwenzeke ngesikhathi lo mlisa eshayela isitimela samalahle eWelgedagt eSprings ngoLwesihlanu ntambama.

OLUNYE UDABA:Kushone umfundi kamatikuletsheni nomndeni wakhe engozini eyobhalisa enyuvesi

Lokhu kwenzeke ngo-23h00 ebusuku kanti abe-ER24 kanye nabe-Transnet Fire & Rescue services baphuthe kule ndawo bacinga lo mshayeli.

Abezimo eziphuthumayo bathi bekungekho okungenziwa ukuhlenga impilo yakhe ngoba utholakale isishonile.

Amaphoyisa asaphenya ngaleso sigameko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...