Ushayeke phansi washona okhulelwe ezwa ukuthi isoka lidutshuliwe

2017-02-07 07:31

eMlazi - Besekusele izinsuku ezimbalwa uZinhle Nxele nesoka lakhe uMazwi Malinga bamukele usana lwabo kodwa ngeshwa lokho ngeke kusenzeka.

UZinhle obesezobeletha ezinsukwini ezimbalwa ushayeke phansi waquleka ezwa ukuthi isoka lakhe lilimele egamekweni sokudubulana kubangwa izidakamizwa.

Le ntokazi ibivakashele udadewabo wesoka ngesikhathi kufika umngani ezobatshela lezi zindaba ezibuhlungu ngokudutshulwa kwabantu.

UMazwi ubengomunye wabayisikhombisa abadutshuliwe.

ULindiwe ongudadewabo kaMazwi uthe bamphuthumise esibhedlela uZinhle nokuyilapho afike ashonela khona.

OLUNYE UDABA:Owesimame okhulelwe uyingxenye yabayisithupha abashonile - Umbiko

Ngokusho kwakhe uzwe ngomakhelwane ukuthi umfowabo kanye nabangani bebehleli emjondolo kaPhilani Mkhungo kwa-K eMlazi ngesikhathi kufika amadoda amathathu evulela ngenhlamvu kubo bonke.

UPhilani ushonele endaweni yesigameko kanti uMazwi ushonele esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial nokuyilapho intombi yakhe ebikhulelwe nayo ishonele khona.

Abahlanu abadubulekile, uJimmy Khumalo, uMhlonipheni Mkhungo, uSandile Mhlongo, uSibongiseni Xaba kanye noSihle Cele basesimweni esibucayi esibhedlela.

Amaphoyisa athi athole izidakamizwa zohlobo lweMandrax endaweni yesigameko kanti umthombo wephephandaba iDaily Sun uthe bekwaziwa ukuthi uPhilane udayisa izidakamizwa.

"Sisashaqekile ngalokhu okwenzekile. Besazi ukuthi uPhilani udayisa izidakamizwa kodwa sasingazi ukuthi kuyophela kabuhlungu kanje,"kusho umthombo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...