Ushaqekile usomabhizinisi obizwe u-R250 ngomzuzu efona

2017-01-23 16:00

Cape Town – Uthuke woma usomabhizinisi wakuleli obizwe imali engaphezu kwa-R13 000 ngocingo alushayele ezweni laseSweden ngenxa yokuthi ufonele inombolo okubizayo ukuyifonela, nokuyinto abengayazi.

“Njengamanje ngiqhuba ibhizinisi elenza izingcingo eziningi zaphesheya. Sekukonke ngijabule kakhulu ngemali engibizwa yona futhi ngihlale ngibheka i-website yakaVodacom ukuqinisekisa ukuthi angeke ngibizwe imali enkulu,” kusho lo somabhizinisi.

OLUNYE UDABA: U-Cell C ukhale ngerandi unyusa ama-data

Noma kunjalo, lo somabhizinisi uthi uthuke woma ngesikhathi ethola incwadi yemali ayikweletayo ngemuva kokushaya ucingo eshayela inombolo yaseSweden.

“Sengike ngafonela kuleli lizwe izikhathi eziningi ngaphambilini kodwa kulesi sigameko ngabizwa u-R250 ngomzuzu nokuhlanganise ngaphezu kuka-R13 000 obizwe ku-akhawunti yami,” kuchaza lo somabhizinisi.

Lo somabhizinisi uthi ubengakaze ezwe ngale ntengo ephezulu okumele uyikhokhe uma ushayela izinombolo zaphesheya.

Uthi yize noma uVodacom ekudalula ku-website, kodwa yinto athi kumele upequlule kanzima ukuze uyithole.

Lo somabhizinisi uthi utshelwe ukuthi uzobizwa u-R3.60 ngomzuzu uma efonela eSweden ngesikhathi efonela abakwaVodacom.

Uthi kodwa izisebenzi ezibamba izingcingo zamakhasimende kwaVodacom zihlulekile ukumtshela ukuthi ngabe inombolo ayifonelayo isesigabeni sezinombolo ezibiza ngokudlulele yini.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...