Ushaqeke kabi eluma uphaya onegundane

2016-06-02 08:50

Cape Town – Owesifazane waseManenberg uthi uthuke woma eluma igundane ngesikhathi edla uphaya awuthenge eWoolworths.

UCarmelita Pienaar ukholelwa ukuthi lo phaya awuthenge eWoolworths oku-Adderley Street eKapa  kungenzeka ukuba yiwona lo omgulisayo manje.

Uthi selokhu awudla uyalunyelwa emzimbeni futhi uyaqubuka.

Funda nalolu daba: Udedelwe ngebheyili udokotela osolwa ngokudlwengula isiguli

Lona wesifazane uthi uzewathwebula nezithombe kanti kuthe uma elubika esitolo lolu daba wanikezwa omunye uphaya kanye nemali engu-R350 ukuba ayobonana nodokotela ngenxa yokuthi ubesephalaza.

Isitolo sakwaWoolworths sithe siwutholile lo phaya kanti kuyaphenywa, kubika iDaily Voice.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...