Useze waboshwa obefunelwa uhide lwamacala

2016-08-09 13:57

Thohoyandou - Isize yaboshwa indoda ebandakanyeka emacaleni angu-16 okubalwa kuwo elokudlwengula nawokugqekeza imizi ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngayo yaboshwa eLimpopo, kusho amaphouyisa ngoLwesibili.

ULieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe amaphoyisa abezama ukuthungatha indoda eneminyaka engu-26 ubudala eThohoyandou kusukela ngo-2015 ngesikhathi ihlupha umphakathi.

OLUNYE UDABA: Kubulawe obezama ukuphanga ispaza eMlazi

Amaphoyisa abophe le ndoda eSaselamani eduzane naseMalamulele ngemuva kokuba encinzwe indlebe amalungu omphakathi.

Ngesikhathi iboshwa le ndoda amaphoyisa athole isibhamu esingekho emthethweni esebiwa emzini ose-Acornhoek ngo-Meyi 2016.

Umsolwa ubefunelwa ukubandakanyeka emacaleni angu-16, okugqekeza imizi, ukuphanga, ukudlwengula, ukweba ezimotweni, ukuzama ukudlwengula nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Umsolwa ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseThohoyandou ngoLwesithathu.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...