Useyilaxazile i-ANC uMakhosi Khoza

2017-09-21 12:30

Johannesburg - UMakhosi Khoza usememezele ukuthi uyesula kwi-African National Congress (ANC).

"Ngifuna ukuvalelisa kwi-ANC entsha engingayazi negcwele inkohlakalo. Ngiyashiya,” usho kanje esithangamini sabezindaba eLilliesleaf farm eGoli ngoLwesine.

"Ngeke ngaholwa mina ngabaholi abangawazi umthetho nabangathembekile.

OLUNYE UDABA: Uzofungiswa namhlanje njengelungu lePhalamende uDlamini-Zuma

"Kubuhlungu ukusho ukuthi le nto akuseyona i-ANC engiyaziyo. Le ANC angiyazi futhi inenkohlakalo. Le ANC isithathwe yilenhlobo engingayazi egcwele inkohlakalo. Angihambisani nabaholi bayo, hhayi amalungu e-ANC.

"Ngeke ngijoyine i-DA kodwa ngiyawushiya umsebenzi we-ANC. Kunomehluko phakathi kwe-ANC kanye nabaholi bayo.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...