Usethole uthando olusha osanda kubuyelana nonkosikazi wakhe

2017-07-23 14:03

 Durban - Ngasekupheleni konyaka odlule, uLebo M wayegcwele injabulo eveza ukuthi usebuyelana nonkosikazi wakhe amdivosa ngo-2013.

Lo mlisa wahlukana nomkakhe wathandana noZoe Mthiyane ongumama wengane kaRobert Marawa kanti nabo banengane.

Ngemuva kweminyaka embalwa bethandana futhi sebethembisene nomshado, uLebo walaxaza uMthiyane wabuyela kumkakhe.

ISunday Sun ithole ukuthi lo wabuyelana nomkakhe u-Angela kumnandi bezimisele ngokulungisa izinto, gwiqiqi usevele wamlaxaza naye wathola intombi entsha.

Kuthiwa uthandana nalowo owayengunkosikazi kamngani wakhe uBeverley Basson.

OLUNYE UDABA:Obesanda kulahla ingoduso ubuyelene nomkakhe amdivosa ngo-2013

“ULebo uthathe intombi yakhe entsha wayivakashisa emazweni ngapha eceleni uqhubeka nezinhlelo zokudivosa u-Angela futhi,” kusho umthombo waleli phephandaba.

Omunye umthombo uthi laba kudala befunana kodwa bebevinjwa wukuthi bobabili bebeshadile futhi uLebo ubewumngani womyeni kaBeverly.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa ngenyanga edlule uLebo waveza ukuthi isimo sakhe somnotho asisihle neze futhi udivoza nomkakhe.

Okhulumela uLebo, uNandipha Tutani uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngezindaba zakhe zangasese kodwa-futhi akekhu kuleli okwamanje.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...