Usethole ukugxekwa uRamaphosa ‘ngamaholo ezigqila’

2016-11-22 16:00

Johannesburg – Inyunyana yokusansimbi, iNumsa, isigxeke uSekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, ngokuzama ukuphasisa ngokusemthethweni lokho ekubize “ngemiholo yezigqila yabantu abamnyama kanye nama-Afrika”.

UNobhala Jikelele wale nyunyana, u-Irvin Jim, uthi u-R3 500 omenyezelwe njengomholo ophansi okumele uholwe ngabasebenzi ezweni lonke nguRamaphosa kwiNational Economic Development and Labour Council (Nedlac), ngeSonto, awusilona iholo ongaziphilisa ngalo.

“USekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, uyingozi kabi, uhlale njalo efuna igazi labasebenzi futhi ekulungele ukushabalalisa iphupho leholo eliphansi eliphilisayo,” kusho uJim esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL ifuna abasebenzi baqale ku-R5 000 ukuhol

URamaphosa uyena obehola izingxoxo zeNedlac zomholo ophansi okumele uholwe yabasebenzi ezweni lonke.

UJim ugxeka uRamaphosa ngokuzama ukujabulisa izikhungo ezihlola isimo seminotho yamazwe emhlabeni wonke. Uthi lesi siphakamiso sizohluleka ukukhipha abasebenzi ebubheni siphinde silule negebe elikhulayo vele phakathi kwabadla imbuya ngothi kanye nabadla izambane likapondo.

Lo mholi weNumsa uthi uhulumeni bekumele enze uphenyo olunzulu enkampanini ngayinye ukuze akwazi ukuthola ukuthi zenza malini ngonyaka.

Ukhala ngokuthi abelungu bahola u-R20 000 ngenyanga, ekubeni abantu abamnyama “abaxhashazwa ngokwedlulele” behola u-R3 700 kuya ku-R4 500 ngenyanga.

Akagcinanga lapho uJim, njengoba ephinde wagxeka iCosatu kanye neFedusa, nokuyizinyunyana ebeziyingxenye yalezi zingxoxo zamaholo. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...