Usetholakele usomabhizinisi wasePitoli obethunjiwe

2017-12-19 18:00

Pretoria – Usomabhizinisi wasePitoli obethunjwe izinyanga ezingaphezu kwezingu-4 ukhululwe ngoMsombuluko ebusuku.

U-Omar Carrim, 76, wathunjwa ngaphandle kwaseLaudium, eHomer Hyper City, ngomhlaka-3 Agasti, kwathi ngemuva kwezinsuku ezingu-137, wadedelwa e-Olifantsfontein ngezithuba zabo-22:30 ngoMsombuluko.

Isishoshovu esimelene nobugebengu uYusuf Abramjee uthe ngo-Okthoba imoto kaCarrim yatholwa ishile eduzane nase-Erasmia ngomhlaka-4.

OLUNYE UDABA: Akakatholakali usomabhizinisi okutholwe imoto yakhe ishiswe

Ngemuva kokukhululwa kukaCarrim ngoMsombuluko ebusuku, u-Abramjee, uthe ungeniswe esibhedlela uCarrim eyothola ukwelashwa.

"Sicela anikezwa isikhathi. Asinikeze isisulu nomndeni waso isikhathi nokuthi silulame kahle kulandela isigameko," kusho u-Abramjee.

"UCarrim nomndeni wakhe angeke bekwazi ukuphawula ngodaba okwamanje, siyabonga nje nukuthi ubuye ephephile," esho.

ISITHOMBE:


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...