Usesulile okhulumela i-ANC ephalamende

2017-02-01 18:06

Cape Town – Usesulile esikhundleni lowo obekhulumela iqembu elibusayo, i-ANC, ephalamende, uMoloto Mothapo, kubika iCity Press.

ICity Press idalule ukuthi uMothapo uzojoyina iphalamende njengomkhulumeli omusha wephalamende ngomhlaka-15 kuFebhuwari.

OLUNYE UDABA: Ukusekwa kwaDlamini-Zuma yi-ANCWL kuwukuxhamazela – ANC

UMothapo akafunanga ukuphawula ngalezi zindaba ngesikhathi ethintwa yiCity Press kodwa imithombo yeCity Press idalule ukuthi uzongena esikhaleni esavuleka ngokushiya kukaLuzuko Jacobs, obekhulumela iphalamende noshiye ngoDisemba.

UMothapo ubelokhu ekhulumela ikhokhasi ye-ANC ephalamende futhi usesebenze ngaphansi kosotswebhu be-ANC abangu-7 kusukela ngonyaka ka-2005 kanti ngaphezu kwalokho wayesebenza ehhovisi lezolwazi leCosatu.

Ihhovisi likasotswebhu we-ANC likuqinisekisile ukusula kukaMothapo ngoLwesithathu ntambama.

- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...