Usesitokisini osolwa ngokuthengela 'unina' izinkabi

2017-06-21 12:29

Johannesburg - Indodana yomnikazi wendawo yamabhokisi omngcwabo namanye amadoda amathathu baboshelwe ukubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwakhe, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesibili.

ULieutenant Colonel Pelonomi Makau uthe uJoel Tumo Phatudi, 39, uZweli Mohapi, 23, u-Olebogeng Mgijima, 25, noLebogang Serei, 40, baboshwe eRooiwal eduzane naseTaung ngomhlaka-14 Juni nangomhlaka-15 Juni ngezinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokubulawa kukaKgomotso Serei.

USerei wadutshulwa washona endaweni yakhe yamakhaza ngomhlaka-25 Meyi, ngemuva kokuba uPhatudi, uMohapi noMgijima bangena kule ndawo yakhe.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umnikazi wendawo ekubanjelwa kuyo imishado e-KZN

Kuthiwa kwaqubuka ingxabano phakathi kwabo noSerei. Wadutshulwa wabulawa, laba bobathathu babaleka endaweni yesigameko.

"Abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi yaseTaung ngoMsombuluko wangomhlaka-19 Juni 2017, kanti bagcinwe esitokisini. Bazophinde bavele enkanyolo ngomhlaka-26 Juni 2017," kusho uLieutenat Colonel Makau.

Uthe uphenyo lwakamuva ludalule ukuthi uLebogang Serei, ongumsolwa wesine, oyindodana kamufi angayizali, kusolakala ukuthi nguye ungqondongqondo kulesi sigameko. Yena waboshwa ngomhlaka-16 Juni.

Kusolwa ukuthi indodana yaqasha abantu ukuba bayisize ngokubulala uSerei, ngesikhathi isihluleka ukuzikhokhela izinkabi, zase zikhipha iqiniso.


 - The Citizen

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...