Usesimweni esibucayi usomabhizinisi waseThekwini odutshuliwe entanyeni

2018-01-17 16:00

Durban - Usomabhizinisi oneminyaka engu-30 ubudala usesimweni esibucayi ngemuva kokudutshulwa.

Lo somabhizinisi udutshulwe entanyeni esemagcekeni ebhizinisi lakhe ePalm Boulevard, eMhlanga Ridge eThekwini.

Ngokusho kwamaphoyisa, lo mlisa ubephuma emsebenzini ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda amathathu angaziwa.

OLUNYE UDABA:Ungaphansi kweso lamaphoyisa esibhedlela odutshulwe kwesokuphanga

Ngokusho kwenkampani yonogada oyedwa wabasolwa ukhiphe isibhamu wadubula lo somabhizinisi ngaphambi kokuba babaleke.

Abezimo eziphuthumayo basebenze kanzima uzuhlenga impilo yalo somabhizinisi ngaphambi kokumphuthumisa esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile lesi sigameko kodwa wathi imbangela yokuhlaselwa kwalo somabhizinisi kayaziwa.

"Kuvulwe icala lokuzama ukubulala emaphoyiseni aseDurban North kanti uphenyo luyaqhubeka," kusho uMbhele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...