Usesimweni esibucayi unogada wesikole saseZakheni ohlaselwe yimfezi

2017-10-16 19:31

Mnambithi - Usindile unogada wesikole iDamu School, eZakheni, ohlaselwe yinyoka yohlobo lweMozambique Spitting Cobra.

Ngokubika kwephephandaba lakule ndawo iLadysmith Gazette lo nogada ubevula amathoyilethi akulesi sikole ngesikhathi le nyoka imkhafulela ngoshevu.

Lo nogada ukhethe ukuthi ayivalele ngaphakathi ethoyilethi le nyoka wabe esehlala umkhosi. Othisha yibo abashayele amaphoyisa aseZakheni.

Amaphoyisa axhumane noFanie Cilliers osebenza ngokubamba izinyoka, amyalela ngalesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Ukushaqeka inyoka itholakala esihlahleni sikaKhisimusi

UCilliers uzamile ukuyifunaa le nyoka kodwa lutho ukuyithola kanti kusolakala ukuthi ingene emgodini.

Lo nogada olimele uphuthunyiswe emtholampilo waseSt Chad kanti kuthiwa ubesesimweni esibucayi futhi ekhala ngesinhlungu ngoba ushevu wale nyoka ungene emehlweni kuye.

Kuke kwaphuma isexwayiso njengoba kungena ihlobo ukuthi abantu abahlale bemehlomane njengoba ziba ziningi izinyoka ngale nkathi yonyaka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...