Usesimweni esibucayi owesilisa oshayiswe yisitimela ePMB

2017-08-20 14:00

Durban - Owesilisa usesimweni esibucayi kakhulu ngemuva kokushayiswa yisitimela esiteshini saseMlaas ePietermaritzburg.

Lokhu kwenzeke ngoMgqibelo kanti abezimo eziphuthumayo bafike edaweni yesigameko bathola owesilisa elele kujantshi.

Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uthe abezimo eziphuthumayo baxilonge lo wesilisa bathola ukuthi ulimale kabi.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Kulimale ababili isitimela sishayisa imoto

Ulashelwe endaweni yesigameko ethola usizo olukhethekile ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela i-Edendale.

Imbangela yokulimala kwakhe ayikaqondakali kahle kodwa amaphoyisa asaphenya, kubika i-The Citizen.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uhlukene phakathi umndeni obanga indlu

Emizuzwini eyi-53 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...