Usesimweni esibucayi ogencwe nguyise ngembazo

2017-03-28 19:38

Durban - UZakhele Mantengu, 18, ubelele kubo kwentombi ngesikhathi kufika uyise ezomhlasela ngoba emsolwa ngokusebenzisa ugandaganda wabantu engawucelanga.

UZakhele kubikwa ukuthi usesimweni esibucayi esibhedlela ngemuva kokuklajwa wuyise ngembazo ekhanda.

Umama wakhe uNokuthula Mantengu, 44, uthe ubesemhlanganweni ngesikhathi ethola umlayezo wokuthi akaphuthume ekhaya ngoba indodana yakhe isilimele.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe ozame ukudayisa ugandaganda kamasipala

Ekhuluma nabeSolezwe lo mama uthe indodana yakhe igencwe nguyise ilele endlini yentombi yayo eduze nasekhaya labo ngoba usebenzise ugandaganda ngaphandle kwemvume yakhe.

"Lo gandaganda ubekwe wumngani kababa layikhaya, ubaba ubesecasulwe wukuthi uZakhele usebenzise ugandaganda ngaphandle kwemvume," kusho yena.

Lo mama uthe umyeni wakhe ujwayele ukuhlasela amalungu omndeni ngezikhali ezinobungozi.

"Induku siphila ngayo lapha ekhaya ngoba nami ubaba unokungithela isibhaxu, kwesinye isikhathi angijahe ngesikhali egcekeni," kulandisa uNokuthula.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uqinisekisile ukuboshwa kowesilisa ngecala lokushaya.

"Kuboshwe owesilisa ngezinsolo zokuhlasela indodana yakhe ngembazo. Lo ubhekene namacala okushaya nokulimaza kanzima," esho.

U-Alfred Mantengu, 48, okungubaba kaZakhele udedelwe ejele ngemuva kokuthi umkakhe aye enkantolo eseThekwini eyosula icala ngemuva kokucelwa ngamalungu omndeni ukuba enze njalo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...