Usesibhedlela owesilisa odlwengulwe abesimame ababili

2017-12-11 08:00

eLimpopo -  Owesilisa waseLimpopo usesibhedlela ngemuva kwesigameko lapho adlwengulwe khona ngabesimame ababili bemkhombe ngesibhamu, kusho amaphoyisa ngeSonto.

"Lo mlisa ungeniswe esibhedlela esesimweni esibucayi kakhulu,"kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

UNgoepe uthi lomlisa oneminyaka engu-25 ubudala ubecela ama-lift ePolokwane ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi kuma imoto yohlobo lweToyota Tazz ehamba abesimame ababili, bamthatha.

OLUNYE UDABA:Udlwengulwe ngabesifazane ababili waquleka

Izinto zijike ngesikhathi laba besimame beyikhomba esikhotheni esiseMagoebaskloof imoto.

Bakhombe lomlisa ngesibhamu bamphuzisa uketshezi oluthile ngaphambi kokuba bashintshane ngaye emdlwengula.

Ngemuva kwalokhu, bashiye lo mlisa kwenye indawo eyisikhotha ngasedolobheni laseTzaneen.

Lo mlisa uphuthume emaphoyiseni eyobika lolu daba ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...