Useshonile osolwa ngokudla izicubu zowesifazane e- E Cape

2017-09-12 13:59

Port Elizabeth - Isishonile indoda yase-Eastern Cape esolwa ngokubulala, idle izicubu zomuntu wesifazane eMount Frere.

Okhulumela uMnyango weMpilo esifundazweni, uSizwe Kupelo, uqinisekise ukudlula emhlabeni kuka-Aphiwe Mapekula, 23, oshonele esibhedlela ngezithuba zabo-04:35 ngoLwesibili.

UKupelo uthe uMapekula ushonele esibhedlela iNelson Mandela Academic lapho abegcinwe khona egumbini labagula kakhulu. 

OLUNYE UDABA:Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

UMapekula wangeniswa esibhedlela ngoMgqibelo ngemuva kokudutshulwa ngamaphoyisa ayezama ukumbopha. Ubenamanxeba okudutshulwa esiswini.

Ngezithuba zabo-13:30 ngoMgqibelo ntambama, uMapekula kusolwa ukuthi "wabamba intombazane ngenkani" emgwaqeni maphakathi nedolobha eMount Frere wahamba nayo baya kwakhe "eduzane nasegaraji lwaka-Engen", kusho uCaptain Edith Mjoko ngaleso sikhathi.

UMjoko uthe uMapekula kusolwa ukuthi wabulala uThembisa Masumpa, 35, wamshumpula ikhanda ngommese.

"Ngesikhathi umama womsolwa ebona okuqhubekayo waphuthuma wabizela amaphoyisa endaweni yesigameko. Ngesikhathi esefika, umsolwa wayematasa edla izicubu zikamufi.

"Amalungu amaphoyisa ayalela uMapekula ukuthi akuyeke lokhu ayekwenza azinikele kuwo, kepha wavele wavuka umbhejezana waqonda emaphoyiseni ewakhombe ngommese. Kwadutshulwa emoyeni amahlandla ambalwa exwayiswa kodwa engenandaba nalokho." 

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...