Usephumile esibhedlela uNzimande ngemuva kokuhlaselwa ukugula kwinkomfa ye-ANC

2017-12-20 19:32

Johannesburg – Lowo owayengungqongqoshe wemfundo ephakeme nophinde abengumholi weSouth African Communist Party (SACP) uBlade Nzimande usephumile esibhedlela kulandela ukuhlaselwa ukugula, kusho owenhlangano yakhe ngoLwesithathu.

UNzimande kubikwe ukuthi uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokubuyisa engqungqutheleni ye-ANC ebanjelwe eNasrec. 

Ngokwemibiko, isimo sempilo kaNzimane sibesimbi kakhulu ngemuva kokwedlulisa umyalezo wokweseka iqembu elibusayo.

Okhulumela i-SACP, u-Alex Mashilo, ekhuluma nabezindaba kwi-Jacaranda usiqinisekisile isigameko.

OLUNYE UDABA: UMchunu akayalelanga muntu ukuba kuyiwe enkantolo

“Kunento okungenzeka ukuba uyidlile engqungqutheleni emdalele izinkinga.

“Ngeshwa asikwazi ukwenaba ngemininingwane ngenxa yokuthi imininingwane phakathi kukanokotela nesiguli iyimfihlo.”

UMashilo akafunanga ukukhuluma ngamahlebezi athi uNzimande udliswe ubuthi ngamabomu.

“Kuyasijabulisa ukuthi welulama ngokushesha,” kusho uMashilo.

UNzimande ubhale ekhasini lakhe likaFacebook wathi usephumile esibhedlela futhi usesendleleni ephinde engqungqutheleni.

- IOL

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...