Usephinde waqubula umsindo futhi umfundisi uNala

2017-10-04 19:32

Durban - Umfundisi waseThekwini ozibisa ngeNkosi uNala, uDkt Hamilton Nala, weNala Mandate International, usequbule imvunge kulandela ukuvela kumabonakude ethi uyakwazi ukwelapha ubutabane ne-HIV.

Lo msindo uqubuke ngemuva kwesiqephu seCheck Point ngoLwesibili ebusuku, kwachazwa ezinkundleni zokuxhumana, kubika iDrum.

Abantu bazwakalise ukunengeka kwabo ngabefundisi mbumbulu abazicebisa ngokusebenzisa inkolo yobuKrestu.

“Uzibiza ngeNkosi uNala, ngiyazwelana kakhulu nabantu bakithi "abakholelwa" kula befundisi bamanga. Nkulunkulu benze babone ukukhanya," kubhala u-@Karabo_Mokgoko kuTwitter.

“Unabalandeli abacela ku-30 000. Amanzi angcwele abiza u-R40... okusho ukuthi u-40×30 000 kwenza u-R 1 200 000... okusho ukuthi lo muntu wenza isigidi ngamanzi aphuma empompini!” kubabaza u-@lucky33samuels.

OLUNYE UDABA: Ugxekwa ‘ngokudukisa’ abafundi umfundisi uNala ngamapeni athandazelwe

Kulesi siqephu sangoLwesibili, kuvele abesifazane ababili - omunye oseganile futhi osenengane - bethi bafika kuleli sonto behlaselwe 'yidimoni lobutabane' kepha bafike bathola usizo kuNala.

UNala echaza uthe ubutabane bufana nokuzala ingane enemilenze emithathu, wathi njengomzali wenza konke okusemndleni ukuyitholela usizo ukuze ibe njengezinye izingane.

"Ubutabane kusuke kuwumoya othile osuke ungene kumuntu, ngakho udinga ukukhuzwa, uyalwe uze uphume kuye," echaza.

Lo mfundisi akaqali ukuba ngundabamlonyeni njengoba ake avela kwesinye isiqephu sohlelo iCutting Edge wathi sekunabantu abelaphe i-HIV, abangasawadli amaphilisi ngoba abasenaso lesi sifo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...