Usephila ngokwesaba owesimame owadlwengulwa izinsuku zilandelana

2016-08-10 10:01

Johannesburg - Usephila ngokwesaba owesimame owadlwengulwa izinsuku zilandelana amadoda amabili, kubika i-eNCA.

Le ntokazi ibisendleleni elibangisa ekhaya kusukela kwagogo wayo ngesikhathi ihlaselwa amadoda amabili ngesonto.

Kuthiwa lama doda amthatha amfaka emkhukhwini ase ayamdlwengula ephindelela.

Funda nalolu daba:Isisulu sivalele ekhoneni umsolwa kwaze kwafika amaphoyisa

Kuthiwa waphinde wabanjwa ilamadoda amholela epaki lapho baphinde bamdlwengula futhi, kulokhu wasizwa owesimame owamuzwa ekhala ememeza.

Le ntokazi itshele umndeni wayo ngalokhu kanti manje umndeni wakhe kanye nomphakathi sebaphume umkhankaso wokuthungatha lamadoda.

Umphakathi ubhidlize lo mkhukhu ngoba kuthiwa usetshenziswa izinswelaboya ezibhema izidakamizwa bese zigila imikhuba.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...