Usephila lubhojozi owaqolwa indoda yaku-Facebook

2016-05-27 13:32

Soweto - Owesimame oneminyaka engu-49 ubudala waseMfolo North uthi waqolwa ezinkundleni zokuxhumana, kubika iDailysun.

Lo wesimame uthi walahlekelwa imali ku-Facebook nokuyinkundla yezokuxhumana ayisebenzisela ukubhala amavesi ebhayibheli.

Uthi izinkinga zakhe zaqala lapho owesilisa owathi udabuka kwelaseRussia ethi ayamkhuthaza amavesi awabhalayo.

"Wathi ufuna ukukhombisa ukubonga kwakhe ngokunginika imali, "kusho uPhendukile.

OLUNYE UDABA:Uhlambalaze indodana ku-Facebook

Uqhubeke wathi lo mlisa wamtshela ukuthi uzomlethela nezikhwama zezipho. Ngempela wathola umlayezo wokuthi kunezikhwama zakhe ezifikele esikhumulweni sezindiza eKapa.

"Umlayezo wawuthi kulele ngikhokhe uR2500 ukuze ngithole lezi zikhwama, ngayikhipha leyo mali, kodwa ngathola omunye wokuthi ngikhiphe enye iR2000.

"Yonke le mali ngayiboleka komakhelwane, kodwa ngabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi befuna enye futhi imali."

Okuyinkinga manje wukuthi umashonisa uyifuna la imali yakhe kanti uPhendukile akasazi ukuthi athathe ini ayihlanganise nani

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...